Jump to content

Felidae

Kubuya ku Wikipedia
Ibhubesi, inhlobo yokusangobe eyingqayivele kulomndeni ngokuphila nokuhlephulela eqembini.

Okusangobe (Felidae) kuyinhlobo yezilwane ezincelisayo wohlelo seZindlanyama eyaziwa ngokujwayelekile ngezingobe (noma ngebizomfakela: amakati noma ngelinye igama impaka). Ilunga lalomndeni ibizwa ingobe.

Kunemiqhinqo (species) engama-41 avumelwe ngokomthetho kulomndeni ekhombisa ubunkithinkithi bamabala oboya. Iningi lezingobe zinezinzipho (igama lesihlonipha izinkebulo) ezifihlekayo, imizimba eluholokoqo enomsipha ogqamile, kanye nemilenze yangaphambili enamandla empecempece. Amazinyo kanye namasipha obuso abo avumela ukuluma okunamandla. Konke okusangobe kudla inyama ngemphoqo futhi iningi lako kuzingela ngokushushumbela. Okunye okusangobe kuphila emahlathini bese okunye kuphila odukatholweni, ezindaweni ezomile, emaxhaphozini kanye nasezintabeni. Okunye kuphaphama ebusuku, emini noma ekusihlwa ngokuhambelana nezinyamazane okuyizingelayo.

uReginald Innes Pocock uthe kunemindenane emithathu umndeni okusangobe kuhlukaniswe ngayo - Okusangwe (Pantherinae), Okusambodla (Felinae), kanye nakho Okusangulule (Aciconychinae) - ehlukene ngokuqambathambo (ossification) wenguxa yompanyekiso wolimi nophimbo (hyoid apparatus) kanye nomshume wesikhumba esisampandeni wenzipho evikela izinkebulo zawo. Kodwa ngokesimanje Okusangulule kuwela ngaphansi Okusambodla ngenxa yezinqubekelaphambili omchazampilweni wechembe (molecular biology). Okusangwe kunozalo (genera) ombili: Amangwe-madala kanye Amangwe-masha kodwa Okusambodla kuqukatha ozalo ayi-12 enemiqhinqo engama-34.

Izingobe zasekuqaleni zivele iminyaka eyizigidi ezingama-25 endlule. Lomndeni uqale ngezinhlobo zezingobe njengezingobe zezinyo lenkemba ezishabalalile. Kanye nezinhlobo zezilwane ezincelisayo njengezimpisi kanye namachakide abumba isigaba seziFanangobe (Feliforma).

Izithombe

[hlela | Hlela umthombo]