Isidlanyama
Ummomo
Izidlanyama ziqukatha isigaba sezincelisi ezimithayo ezigxile ekudleni kwenyama. Izidlanyama zingokwesithupha ngobukhulu bezigaba zezincelisi (ziqukatha imiqhinqa engama-293). Izidlanyama zitholakala kuwonke amazwekazi kusukela izifunda zeqhwa esicongweni somhlaba kufika ogwaduleni kanye nasolwandle okhamisile.
Izidlanyama zihlukanisiwe ezigabanyaneni ezimbili - Izifanisangobe kanye nezifanisanja. Izifanisangobe ziqukatha okusangobe, izimpisi, ochakide, kanye izinsimba. Izifanisanja ziqukatha okusanja, okusarakhuni, amabhele, kanye nokusachakide, amaqaqa kanye nezimvu-zolwandle.