Umsino

Umsino (noma ukusina) uhlobo lobuciko, oluqukethe ukuchunge leminyakazo yomzimba enobuhle futhi evame ukuba engokomfanekiso, kungaba ukusina okuqanjiwe noma okukhethwe ngenhloso. Ukusina kungahlukaniswa ngezigaba futhi kuchaziswe ngokusiniso lwawo, ngokuhlelwa kwawo kwemisebenzi noma ngesikhathi sawo somlando noma indawo okuvela kuyo . Ukusina kuvame ukwenziwa ngomculo ohambisana nawo, futhi ngezinye izikhathi nomsini usebenzisa insimbi yomculo ngesikhathi esina.
Izinhlobo ezimbili ezivamile zokusina kweqembu umsino weshashalazi kanye nomsino wokuhlanganyela. Zombili izinhlobo zomsino zingaba nemisebenzi ekhethekile, kungaba eyomphakathi, eyemikhosi, eyokuncintisana, eyothando, eyokulwa, engcwele noma eyokukhonza . Ukusina akugcini nje ngokuqhogoywa, njengoba ukusina kusetshenziswa njengendlela yokuzivocavoca futhi ngezinye izikhathi kuwuqeqeshela eminye imidlalo nobuqhebeqhebe. Imiqhogoyo yokusina kanye nemincintiswano yokusina itholakala emhlabeni wonke ikhombisa izinhlobo nezindinganiso ezahlukene.
Umsino ungahlanganyelwa umuntu oyedwa njengendlela yokuzivocavoca noma yokubuciko. Ukusina kuyindlela evamile yokuziphatha kwabantu, futhi akudingi ngempela usiniso oluthize.
Umsino weshashalazi nowokuhlanganyela
[hlela | Hlela umthombo]
Umsino waseshashalazini, obizwa nangokuthi ukuqhogoya noma umsino womgidi, uhloselwe ukwenziwa ikakhulukazi njengombukiso, ngokuvamile umbukiso weshashalazi wabasini abanekhono. Uvame ukulandisa indaba, mhlawumbe isebenzisa ukunkawuza, umbabazo kanye nezindawo, noma ungase uichaze umculo ohambisana nawo, ovame ukuqanjwa futhi wenziwe ngokukhethekile endaweni yemidlalo yeshashalazi kodwa akuyona imfuneko. Izibonelo yi -ballet yaseNtshonalanga nokusina kwesimanje, ukusina kwaseNdiya kwasendulo okufana ne- Bharatanatyam, kanye nemidlalo yezingoma nemisino waseShayina neyaseJapan, njengokusina kwenzawu. Izinhlobo eziningi ze-classical zigxile kumsino kuphela, kodwa umsino wokuqhogoya ungavela naku -opera nakwezinye izinhlobo zomculo weshashalazi .
Umdanso ohlanganyelwe, kungaba umsino wesintu, umsino womphakathi, umsino weqembu njengomugqa, indilinga, uchungechunge noma umsino wesikwele, noma umsino womlingani, njengasekusineni kwaseNtshonalanga kwe-ballroom, wenziwa ngokuyinhloko ngenhloso efanayo, njengokuxhumana nabantu noma ukuzivocavoca, noma ukwakha ukuguquguquka kwabahlanganyeli kunokuba kube usizo kubabukeli. Umsino onjalo awuvamile ukuba nesilando. Umsino weqembu kanye ne -corps de ballet, umsino wabalingani bomphakathi kanye ne- pas de deux, kuhluke kakhulu. Ngisho nokusina wedwa noma umsino wokuhlakahla ungenziwa kuphela ukuze kwanelise umsini. Abasini abahlanganyelayo bavame ukusebenzisa ukunyakaza okufanayo nezinyathelo kodwa, isibonelo, emasikweni e-rave omculo wokudansa we-elekthronikhi, izixuku ezinkulu zingase zihlanganyele ekusineni kwamahhala, zingahambisani nalabo abazungezile. Ngakolunye uhlangothi, amanye amasiko abeka imithetho eqinile mayelana nemisino ethile abantu abangahlanganyela kuyo noma okumele bayihlanganyele. [1]
Izinhlobo zokusina gesiZulu
[hlela | Hlela umthombo]Ingadla / indlamu - ukugadlela
Ukuganduza
Umgebulo
Ingeqe
Ukugimfoza
Ukugiya - war antics ngomkhonto
Amagodololo
Ukugqigqa / umgqigqo
Umgqizo
Uqwembe
Ijadu
ukuqhuqhumbela / umqhuqhumbelo
Iqubulo
Umshikisho
Umshosho/umchwayo
ukushushumba / umshushumbo
Shwiliza - European dance
Somboza - umsombozo
Umbekuzo - ishibhelani ?
Umboloho / isicathulo - boot dance Ingcekeza Ukudivaza - old man dance
Ukusina kwasemgcagcweni Ukugcagca
Isigekle
Umgobodiso
Izindlela
[hlela | Hlela umthombo]Ngokweshashalazi
[hlela | Hlela umthombo]Imisino eyenzelwa izihlwele, efana nowe-opera, ngokuvamile uncike ohlotsheni lwawo wesilandiso nokuhleleka kwelingiso. Iminyakazo nokunqathuzisa izandla zosiniso kwenzelwa ukunkawuza abalingiswa nendima yabo endabeni.[2] Izimfuneko ezinjalo zeshashalazi zivame ukuba neminyakazo emide, nekhululeke ngokungajwayelekile nemisino engahambisani nesilandiso. Kolunye uhlangothi, abadansi be-ballet, eyavela ngekhulu le-19, bavumelekile ukuba nesigqi sezikhawu, njengoa lomsino wathuthukiswa ongenayo indaba ekhulwini lama-20,[3] futhi lokho kwavumela izinyathelo zokusina ezisheshayo, ezinesigqi, ezifana neze-petit allegro.
Ngokwenhlalo nokuhlanganyela
[hlela | Hlela umthombo]Imisino engokwenhlalo yenzelwe ukuhlanganyelwa yibo bonke abantu kunokuba babe yizihlwele, wuhlanganisa izindlela ezihlukene nokunkawuza nesilandiso, kodwa uhlelwe ukuba uhambisane nesigqi somculo. Isigqi sezinyawo sabasini singaba ingxenye yomculo, njengmgqingqo. Imisino yaseAfrika, ngokwesibonelo, uhlozinga ukugqigqa kwezinyawo.[4]
Amphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Theatrical and Social Dance | sound-heritage.soton.ac.uk". sound-heritage.ac.uk. Archived from the original on 2024-12-07. Kulandwe ngomhlaka 2024-10-22. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ Laban, Rudolf, The Mastery of Movement, MacDonald and Evans, London, 1960, p. 2
- ↑ Minden, Eliza Gaynor, The Ballet Companion: A Dancer's Guide Archived 2023-04-08 at the Wayback Machine., Simon and Schuster, 2007, p. 92
- ↑ Ayansu, E.S. and Whitfield, P. (eds.), The Rhythms Of Life, Marshall Editions, 1982, p. 161